1 Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.
2 Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Abokufa, mabaye ekufeni,nabenkemba, enkembeni,nabendlala, endlaleni,nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’
3 “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.
4 Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.
5 “Ngokuba ngubani oyakukuhawukelawena Jerusalema na?Ngubani oyakukukhalela?Ngubani oyakuphambukelaukubuza ngempilo yakho na?
6 Wena ungishiyile,” usho uJehova,“wabuyela emuva;ngiselulele isandla sami kuwe,ngakuchitha;sengikhathele ukuhawukela.
7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,ngabaphuca abantwana,ngachitha abantu bami;ababuyanga ezindleleni zabo.