13 Ngiyakunikela imfuyo yakhonengcebo yakho kube yimpangokungengantengo,ngazo zonke izono zakhoemikhawulweni yakho yonke.
14 Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakhoezweni ongalaziyo,ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwamioyakuvutha kini.”
15 Uyazi wena Jehova;ngikhumbule, ngihambele,ungiphindisele kwabangizingelayo;ungangisusi ngokubekezela kwakho;yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.
16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;amazwi akho aba ngukujabula kiminokuthokoza kwenhliziyo yami,ngokuba ngibizwa ngegama lakho,Jehova Nkulunkulu Sebawoti.
17 Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,angithokozanga;ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.
18 Yini ukuba ubuhlungu bamibube khona njalonjalo,nesilonda sami singapholiswa,sala ukuphulukiswa, na?Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi,amanzi angathembekile, na?
19 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Uma ubuya, ngiyakukubuyisa,ume phambi kwami;uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala,uyakuba ngumlomo wami;laba bayakubuyela kuwe,kepha wena awuyikubuyela kubo.