3 “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.
4 Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.
5 “Ngokuba ngubani oyakukuhawukelawena Jerusalema na?Ngubani oyakukukhalela?Ngubani oyakuphambukelaukubuza ngempilo yakho na?
6 Wena ungishiyile,” usho uJehova,“wabuyela emuva;ngiselulele isandla sami kuwe,ngakuchitha;sengikhathele ukuhawukela.
7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,ngabaphuca abantwana,ngachitha abantu bami;ababuyanga ezindleleni zabo.
8 Abafelokazi babo bandile kimikunesihlabathi solwandle,ngehlisele phezu kwawoninabezinsizwa umchithi emini,ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.
9 Owazala abayisikhombisa usedangele,waphuma umoya;ilanga lakhe lishonile kuse semini;ujabhile, wayangaza;insali yabo ngiyakuyinikela enkembeningaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.