15 kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.
16 “Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.
17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
18 Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”
19 Jehova, mandla ami nenqaba yami,siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka,bayakuza kuwe abezizwe,bevela emajukujukwini omhlaba, bathi:“Obaba badlile ifa lamanga kuphela,okuyize, engekho kukho insizakalo.
20 Umuntu angazenzela onkulunkulu na?Labo abasibo onkulunkulu.”
21 “Ngalokho bheka, ngiyakubazisa,ngibazise ngalesi sikhathiisandla sami namandla ami,baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.