13 O, themba lika-Israyeli, Jehova,bonke abakushiyayo bayakujabha;abachezuka kimi bayakulotshwaemhlabathini,ngokuba bamshiyile uJehova,umthombo wamanzi aphilayo.
14 Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,ngokuba uludumo lwami.
15 Bheka, bathi kimi:“Liphi izwi likaJehova na?Malize phela.”
16 Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela,futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;wena uyazi;okwaphuma emlonyeni wamikwakuphambi kobuso bakho.
17 Ungabi luvalo kimi;uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.
18 Mababe namahloni abangizingelayo,kepha mina mangingabi nawo;baphele amandla bona,mina ngingapheli wona kodwa;behlisele usuku lobubi,ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.
19 Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,