3 Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.
4 Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”
5 Usho kanje uJehova, uthi:“Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,ayenze inyama ibe yingalo yakhe,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.
6 Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane,angaboni ukuthi kuyeza okuhle,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.
7 “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,ongesabi lapho kufika ukushisa,amaqabunga awo abe luhlaza,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,anganqamuki ukuthela izithelo.”
9 Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,futhi imbi;ngubani ongayazi na?