6 Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane,angaboni ukuthi kuyeza okuhle,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.
7 “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
8 Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,ongesabi lapho kufika ukushisa,amaqabunga awo abe luhlaza,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,anganqamuki ukuthela izithelo.”
9 Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,futhi imbi;ngubani ongayazi na?
10 “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,ngihlola izinso ukuba nginike,kube yilowo nalowonjengezindlela zakhe,njengezithelo zezenzo zakhe.”
11 Intendele efukamela ingazalanga,unjalo owenza ingcebo ngokungalungi;iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe,abe yisiwula ngasekugcineni.
12 Indawo yendlu yethu engcweleiyisihlalo sobukhosi esinenkazimuloesiphakemeyo.