13 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Buzani phakathi kwabezizwe ukuthingubani owake wezwa okunjengalokho na?Intombi yakwa-Israyeli yenzileinto eyesabekayo kakhulu.
14 Ungqoqwane waseLebanoniuyashiya yini amadwala asendle,namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?
15 Ngokuba abantu bami bangikhohliwe,bashisela okuyize impepho,bakhubeka ezindleleni zabo,emendweni yasenduloukuba bahambe ngemikhondo,ngezindlela ezingahlelwanga,
16 benze izwe labo libe yisimangalisonento encimfelwayo njalo;bonke abadlula khona bayakumangala,banikine ikhanda.
17 Njengomoya wasempumalangangiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo,ngibabonise umhlane kungabi ngubusongosuku lwengozi yabo.”
18 Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”
19 Nginake, Jehova,uzwe izwi labamelene nami.