16 benze izwe labo libe yisimangalisonento encimfelwayo njalo;bonke abadlula khona bayakumangala,banikine ikhanda.
17 Njengomoya wasempumalangangiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo,ngibabonise umhlane kungabi ngubusongosuku lwengozi yabo.”
18 Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”
19 Nginake, Jehova,uzwe izwi labamelene nami.
20 Okuhle kuyakuphindiselwa ngokubi na?lokhu bembele umphefumulo wami umgodi.Khumbula ukuthi ngema phambi kobuso bakhoukukhuluma okuhle ngabonokukubuyisa ukufutheka kwakho kubo.
21 Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni,ubakhaphele osikweni lwenkemba,abafazi babo baphucwe abantwana,babe ngabafelokazi,amadoda abo abulawe ngukufa,izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.
22 Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo,lapho ubehlisela impi ngokuzumayo,ngokuba bembile umgodi wokungibamba,bafihlela izinyawo zami izingibe.