8 leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.
9 Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;
10 uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.
11 “Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’
12 Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”
13 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Buzani phakathi kwabezizwe ukuthingubani owake wezwa okunjengalokho na?Intombi yakwa-Israyeli yenzileinto eyesabekayo kakhulu.
14 Ungqoqwane waseLebanoniuyashiya yini amadwala asendle,namanzi aqandayo agobhoza kude ayakusha, na?