4 Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,
5 bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,
6 ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.
7 “ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
8 Ngiyakwenza lo muzi ukuba ube yisimangaliso nento encimfelwayo; bonke abadlula khona bayakumangala, bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.
9 Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.’
10 “Bese waphula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe,