11 Isizwe sike senana ngawonkulunkuluabangesibo onkulunkulu na?Kepha abantu bami benanile udumo lwabongokungenakusiza.
12 Mangalani ngalokho, mazulu,nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.
13 “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,bazigubhele imithombo,imithombo evuzayo,amanzi angenakuhlala kuyo.
14 U-Israyeli uyisigqila yini,uyisigqila esazalelwa ekhaya na?Waba kanjani impango na?
15 Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,alenza izwe lakhe laba yincithakalo;imizi yakhe ishisiwe,kungekho owakhe kuyo.
16 Nabantwana baseNofi naseThahipanesibaphuca ukhakhayi lwakho.
17 Awuzenzeli lokhu wenangokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,lapho ekuhola endleleni, na?