9 “Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova,“ngiphikisane nabantwana babantwana benu.
10 Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone,nithume eKedari, niqonde kahle,nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?
11 Isizwe sike senana ngawonkulunkuluabangesibo onkulunkulu na?Kepha abantu bami benanile udumo lwabongokungenakusiza.
12 Mangalani ngalokho, mazulu,nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.
13 “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,bazigubhele imithombo,imithombo evuzayo,amanzi angenakuhlala kuyo.
14 U-Israyeli uyisigqila yini,uyisigqila esazalelwa ekhaya na?Waba kanjani impango na?
15 Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,alenza izwe lakhe laba yincithakalo;imizi yakhe ishisiwe,kungekho owakhe kuyo.