11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo;ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka,bangangahluli;bayakuba namahloni kakhulu,ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha,nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
12 Kepha, Jehova Sebawoti,ovivinya olungileyo,obona izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngikwambulele indaba yami.
13 Hlabelelani kuJehova,nimdumise uJehova,ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.
14 Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo;usuku umame angizala ngalo malungabusiswa.
15 Makaqalekiswe umuntu owabika kubaba, ethi:“Uzalelwe umntwana wesilisa,”emthokozisa nokumthokozisa.
16 Lowo muntu makabe njengemiziuJehova ayigumbuqela engazisoli,ezwe ukukhala ekuseninokumemeza ngesikhathi sasemini,
17 ngokuba akangibulalanga esiswini,umame waze waba yithuna lami,nesisu sakhe saba sikhulelwe njalo.