4 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.
5 Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.
6 Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”
7 Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;wawunamandla kunami, wangahlula.Ngibe yinhlekiso usuku lonke,bonke bangiklolodela.
8 Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwaihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
9 Lapho ngithi:“Angisayikumkhumbula,ngingasakhulumi egameni lakhe,”kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,uvalelwe emathanjeni ami;ngikhathele ukubekezela, angikwazi.
10 Ngizwile ukuhleba kwabaningi:“Luvalo nxazonke.Mmangalele! Masimmangalele!”Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami.“Mhlawumbe angayengwa, simahlule,siziphindisele kuye.”