7 Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;wawunamandla kunami, wangahlula.Ngibe yinhlekiso usuku lonke,bonke bangiklolodela.
8 Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwaihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.
9 Lapho ngithi:“Angisayikumkhumbula,ngingasakhulumi egameni lakhe,”kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,uvalelwe emathanjeni ami;ngikhathele ukubekezela, angikwazi.
10 Ngizwile ukuhleba kwabaningi:“Luvalo nxazonke.Mmangalele! Masimmangalele!”Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami.“Mhlawumbe angayengwa, simahlule,siziphindisele kuye.”
11 Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo;ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka,bangangahluli;bayakuba namahloni kakhulu,ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha,nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.
12 Kepha, Jehova Sebawoti,ovivinya olungileyo,obona izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngikwambulele indaba yami.
13 Hlabelelani kuJehova,nimdumise uJehova,ngokuba wophula umphefumulo wompofu esandleni sababi.