11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,
12 kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”
13 “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,namakamelo akhe ngokungafanele,osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,
14 othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulunamakamelo abanzi,’ayibhobozele amafasitele,bese yembeswa ngemisedari,*ibhecwe ngebomvu!
15 “Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na?Angithi uyihlo wadla, waphuza,wenza ukwahlulela nokulunga,kwaba kuhle kuye, na?
16 Wahlulela abaswelayo nabampofu,kwaba kuhle;angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.
17 “Amehlo akho nenhliziyo yakhokusekuphangeni kuphela,nasekuchitheni igazi elingenacala,nasekucindezeleni,nasekudloveni ukuba ukwenze.”