21 Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla,kepha wathi: ‘Angizwa.’Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakhoukuthi awulizwa izwi lami.
22 Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho,nezithandwa zakho ziyakuthunjwa;impela uyakuba namahloni,ujabhe ngabo bonke ububi bakho.
23 Wena ohlala eLebanoni,owakha isidleke sakho kuyo imisedari,*uyakuhawukelwa kangakananingokufikelwa kwakho yimihelo,imihelo enjengeyobelethayo!
24 “Kuphila kwami,” usho uJehova, “noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebe yindandatho esandleni sami sokunene, nokho bengiyakukuhluthula khona,
25 ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho nasesandleni salabo obesabayo, ngithi esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni samaKaledi.
26 Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.
27 Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”