25 ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho nasesandleni salabo obesabayo, ngithi esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni samaKaledi.
26 Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.
27 Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”
28 Lo muntu uKhoniya uyisitsha esidelelweyo nesaphukileyo na? Uyindebe okungekho kuyo intokozo na? Uzwitshelweni yena nenzalo yakhe, balahlelwa ezweni abangalaziyo, na?
29 Lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaJehova.
30 Usho kanje uJehova, uthi: “Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.”