10 Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;amadlelo asehlane omile.Ukuhamba kwabo kubi,namandla abo awalungile.
11 “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.
12 “Ngalokho indlela yaboiyakuba yizindawo ezibushelelezi;bayakusunduzwa ebumnyameni,bawe kubo,ngokuba ngiyakubehlisela okubingomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.
13 “Kubaprofethi baseSamariya ngibonile ubuwula:baprofetha ngoBali,bedukisa abantu bami u-Israyeli.
14 Nakubaprofethi baseJerusalemangibonile okwesabekayo:bayaphinga, bahamba ngamanga,baqinisa izandla zababi,ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe;bonke banjengeSodoma kimi,nabakhileyo kulo banjengeGomora.”
15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,baphuze amanzi enyongo,ngokuba ukungabi naNkulunkulukuphume kubaprofethi,kwaya ezweni lonke.”
16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Ningawalaleli amazwi abaprofethiabaprofetha kini;banifundisa okuyize,bakhuluma umbono wenhliziyo yabo,kungengokuvela emlonyeni kaJehova.