15 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi, uthi:“Bheka, ngiyakubanika ukuba badle umhlonyane,baphuze amanzi enyongo,ngokuba ukungabi naNkulunkulukuphume kubaprofethi,kwaya ezweni lonke.”
16 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Ningawalaleli amazwi abaprofethiabaprofetha kini;banifundisa okuyize,bakhuluma umbono wenhliziyo yabo,kungengokuvela emlonyeni kaJehova.
17 Bazinge bethi kwabangidelelayo:UJehova ukhulumile uthi:‘Niyakuba nokuthula.’Kubo bonke abahamba ngenkaniyenhliziyo yabo bathi:‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’
18 Ngokuba ngubani owake wemaemkhandlwini kaJehova ukuba abone,ezwe izwi lakhe na?Ngubani oqaphele izwi lakhe,walizwa, na?
19 Bheka,isivunguvungu sikaJehovaesinokufutheka siphumile;isivunguvungu esiyisikhwishikhwishisehlele phezu kwamakhanda ababi.
20 Intukuthelo kaJehova ayiyikubuyaaze enze,aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21 Mina angibathumanga abaprofethi,nokho bagijima;bengingakhulumile kubo,nokho baprofetha.