18 Ngokuba ngubani owake wemaemkhandlwini kaJehova ukuba abone,ezwe izwi lakhe na?Ngubani oqaphele izwi lakhe,walizwa, na?
19 Bheka,isivunguvungu sikaJehovaesinokufutheka siphumile;isivunguvungu esiyisikhwishikhwishisehlele phezu kwamakhanda ababi.
20 Intukuthelo kaJehova ayiyikubuyaaze enze,aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe;ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.
21 Mina angibathumanga abaprofethi,nokho bagijima;bengingakhulumile kubo,nokho baprofetha.
22 Uma bebemi emkhandlwini wami,nga bezwisile abantu bami amazwi ami,bababuyise endleleni yabo embi,nasebubini bezenzo zabo.
23 “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova,“ngingesiye uNkulunkulu kude na?
24 Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyoukuze ngingamboni na?” usho uJehova.“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.