23 “NginguNkulunkulu eduze yini,” usho uJehova,“ngingesiye uNkulunkulu kude na?
24 Ukhona ongacasha ezindaweni ezisithekileyoukuze ngingamboni na?” usho uJehova.“Angithi ngiyagcwalisa izulu nomhlaba na?” usho uJehova.
25 “Ngizwile ukuthi bathini abaprofethi abaprofetha amanga egameni lami, bethi: ‘Ngiphuphile, ngiphuphile.’
26 Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga, bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,
27 abacabanga ukwenza ukuba abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngenxa kaBali, na?
28 Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.
29 “Izwi lami alinjengomlilo yini,” usho uJehova, “nanjengesando esaphula itshe na?