5 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.
6 Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.
7 “Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “abangasayikusho ngazo ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe,’
8 kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”
9 Ngabaprofethi.Inhliziyo yami yaphukile phakathi kwami,amathambo onke ami ayathuthumela;nginjengomuntu odakiweyo,njengomuntu owahlulwe yiwayiningenxa kaJehovanangenxa yamazwi akhe angcwele.
10 Ngokuba izwe ligcwele iziphingi;izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso;amadlelo asehlane omile.Ukuhamba kwabo kubi,namandla abo awalungile.
11 “Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu;nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.