28 Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza.
29 Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’
30 “Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo:“ ‘UJehova uyakuduma ephezulu,aliphumise izwi lakheesendaweni yakhe engcwele;uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe,amemeze njengabanyathela iwayinikubo bonke abakhileyo emhlabeni.
31 Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba,ngokuba uJehova uyamelana nezizwe;uyahlulela inyama yonke,kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.
32 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“Bheka, okubi kuyaphumakwesinye isizwe kuye kwesinye,nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.”
33 Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.
34 Hhewulani nina belusi, nikhale,nihuquzele emlotheninina zikhulu zomhlambi,ngokuba sezipheleleizinsuku zenu zokuba nihlatshwe,nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.