3 “Kusukela emnyakeni weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, le minyaka engamashumi amabili nantathu izwi likaJehova lifikile kimi, ngalikhuluma, ngilisho kini njalonjalo, kepha kanilalelanga.”
4 UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe
5 lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,
6 ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu; khona angiyikunenzela okubi.
7 “Kepha aningilalelanga,” usho uJehova, “naze nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu, kwaba kubi kini.”
8 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngenxa yokuba ningawalalelanga amazwi ami,
9 bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.