15 Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”
16 Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”
17 Kwase kusukuma amanye amalunga ezwe, asho kulo lonke ibandla labantu, athi:
18 “UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:“ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu,iJerusalema libe yincithakalo,intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’
19 “UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”
20 Kwakukhona nomunye umuntu owaprofetha egameni likaJehova, u-Uriya indodana kaShemaya waseKiriyathi Jeharimi; waprofetha ngalo muzi nangaleli zwe njengawo onke amazwi kaJeremiya.
21 Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.