9 Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: ‘Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo,’ na?” Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.
10 Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.
11 Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: “Lo muntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.”
12 Wayesesho uJeremiya kuzo zonke izikhulu nakubo bonke abantu, ethi: “UJehova wangithuma ukuprofetha ngale ndlu nangalo muzi onke amazwi eniwezwileyo.
13 Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.
14 Kepha mina, bhekani, ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu.
15 Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”