10 ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.
11 Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”
12 Ngakhuluma kuSedekiya inkosi yakwaJuda njengawo onke lawa mazwi, ngathi: “Bekani izintamo zenu phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, niyikhonze, yona nabantu bayo, niphile.
13 Niyakufelani wena nabantu bakho ngenkemba, nangendlala, nangesifo, njengalokho uJehova ekhulumile ngesizwe esingayikuyikhonza inkosi yaseBabele, na?
14 Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.
15 ‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”
16 Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: ‘Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane.’ Ngokuba baprofetha amanga kini.