8 Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.
9 Umprofethi oprofetha ngokuthula uyakwaziwa, lapho seligcwalisiwe izwi lomprofethi, uma engumprofethi uJehova amthumileyo impela.”
10 Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.
11 UHananiya wayesesho phambi kwabo bonke abantu, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kanjalo ngiyakulaphula ijoka likaNebukadinesari, inkosi yaseBabele ingakapheli iminyaka emibili entanyeni yezizwe zonke.’ ” Kepha umprofethi uJeremiya wahamba indlela yakhe.
12 Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, uHananiya umprofethi eselaphulile ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, lithi:
13 “Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.
14 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”