20 Kepha yizwani manje izwi likaJehova nina nonke bathunjwa, enginithumile eBabele niphuma eJerusalema.
21 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaya nangoSedekiya indodana kaMahaseya abaprofetha amanga kini egameni lami, uthi: “Bheka, ngiyakubanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele; uyakubabulala phambi kwamehlo enu.
22 Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’
23 ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.
24 KuShemaya waseNehelamu uyakusho ukuthi:
25 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngenxa yokuba uthumile egameni lakho izincwadi kubo bonke abantu baseJerusalema, nakuZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, nakubo bonke abapristi, ngokuthi:
26 ‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;