4 Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi:
5 “Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo;
6 thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi.
7 Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.”
8 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.
9 Ngokuba baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga,” usho uJehova.
10 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.