11 Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.
12 Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi:“ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;‘angiyikuninyakamela,ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.
13 Yazi kuphela ububi bakhoukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho,wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwephansi kwayo yonke imithi eluhlaza;anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.
14 “Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni,
15 ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha.
16 Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
17 Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.