Ujeremiya
Izahluko 3:15-21
Ibhayibheli Elingcwele
15ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha.
16Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha.
17Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi.
18Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19“Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.
20Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,kanjalo ningikhohlisilenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.
21 Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.