18 Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.
19 “Mina bengithi:“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,ngikuphe izwe elinxanelekayo,ifa elihle kakhulu ezizweni!’Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,ningabuyi ekungilandeleni.
20 Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,kanjalo ningikhohlisilenina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.
21 Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
22 “Buyani nina bantwana abahlehlayo,ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.”“Bheka, sesifikile kuwe,ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.
23 Impela amagquma ayizekanye nomsindo wasezintabeni.Ngokwempela ukusindiswa kuka-IsrayelikukuJehova uNkulunkulu wethu.
24 UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu,izimvu zabo, nezinkomo zabo,namadodana abo, namadodakazi abo.