3 Ngalokho izihlambi zinqandiwe,nemvula yamuva ayibangakho.Nokho wawunebunzi lesifebe,wala ukuba namahloni.
4 Awusand' ukukhala kimi ukuthi:‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?
5 Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo,ayigcine kuze kube nini na?’Bheka, ukhuluma kanjalo;uyenza okubi, uyaphumelela.”
6 UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.
7 Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.
8 Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,
9 nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.