7 Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona.
8 Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,
9 nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe.
10 Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.
11 Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo.
12 Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi:“ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;‘angiyikuninyakamela,ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.
13 Yazi kuphela ububi bakhoukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho,wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwephansi kwayo yonke imithi eluhlaza;anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.