11 Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe,wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
12 Bayakufika, bahlabelele ngokujabulaekuphakameni kwaseSiyoni,bagobhozele kukho okuhle kukaJehova,yebo, emabeleni, nasewayinini,nasemafutheni,nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo,umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo,bangabe besaba nosizi futhi.
13 Khona intombi iyakuthokoza ekusineni,nezinsizwa nabadala kanyekanye;ngiyakuphendula ukukhala kwabokube ngukujabula,ngibaduduze, ngibathokozise,bangabe besaba nosizi.
14 Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni,abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.
15 Usho kanje uJehova, uthi:“Izwi liyezwakala eRama,ukulila nokukhala okumunyu,uRaheli ekhalela abantwana bakhe;uyala ukududuzwa ngabantwana bakhe,ngokuba abasekho.”
16 Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.
17 Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.