16 Usho kanje uJehova, uthi:“Bamba izwi lakho, ungakhali,amehlo akho angabi nazinyembezi,ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova,“babuye ezweni lesitha.
17 Kukhona ithemba lokugcina kwakho,” usho uJehova;“abantwana bayakubuyela emikhawulweni yabo.
18 “Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezidabukela,ethi: ‘Ungishayile,ngashaywa njengethole elingajwayele ijoka;ngibuyise ukuba ngibuye,ngokuba wena unguJehova uNkulunkulu wami.
19 Impela lapho sengibuyisiwe, ngazisola,nalapho ngifundisiwe,ngashaya ithanga lami,ngaba namahloni, yebo, ngajabha,ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.’
20 U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi,ungumntwana othandekayo na?Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye,ngisamkhumbula nokumkhumbula;ngalokho izibilini zami ziyamhawukela;ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.
21 “Zibekele amatshe,zimisele iziqondiso zendlela;yibeke inhliziyo yakho emendweni,indlela owahamba ngayo;buya, ntombi yakwa-Israyeli,ubuyele kule mizi yakho.
22 Koze kube nini uhambahambawena ndodakazi ehlubukayo na?Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni:owesifazane uyakuyihaqa indoda.”