3 UJehova wabonakala kimi ekude, wathi:“Ngikuthandile ngothando oluphakade;ngalokho ngikudonsile ngomusa.
4 Ngiyakubuye ngikwakhe,wakheke wena ntombi ka-Israyeli;uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho,uphumele ekusineni kwabathokozayo.
5 Uyakubuye utshale iziviniezintabeni zaseSamariya;abatshali bayakuzitshala,badle izithelo zazo.
6 Ngokuba kuyakuba khona usukuabayakumemeza ngalo abalindientabeni yakwa-Efrayimi ukuthi:‘Sukani, sikhuphukele eSiyonikuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”
7 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Hlabelelani kuJakobe ngokujabula,nimemezele inhloko yezizwe,nizwakalise, nidumise nithi:‘Jehova, sindisa abantu bakho,insali yakwa-Israyeli.’
8 Bheka,ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho,ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba,okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga,abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye,babuyele lapha beyibandla elikhulu.
9 Bayakufika bekhala,ngibahambise bekhuleka,ngibayise emifuleni yamanzingendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo,ngokuba nginguyise ka-Israyeli,no-Efrayimi uyizibulo lami.