15 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’
16 “Sengiyinike uBaruki indodana kaNeriya incwadi yokuthenga ngakhuleka kuJehova, ngathi:
17 “E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo
18 wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,
19 omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;
20 owamisa izibonakaliso nezimangaliso ezweni laseGibithe kuze kube namuhla nakwa-Israyeli naphakathi kwabanye abantu, wazenzela igama njenganamuhla,
21 wabakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,