37 Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,
38 babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo,
39 ngibanike inhliziyonye nendlelanye ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.
40 Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.
41 Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.
42 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Njengalokhu ngehlisele phezu kwalaba bantu konke lokhu okubi, kanjalo ngiyakubehlisela konke okuhle engikukhulume kubo.
43 Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.