1 Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:
2 “Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:
3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’
4 Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:
5 ‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
6 “ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
7 Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.