10 “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,
11 izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi:“ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti,ngokuba uJehova muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade,”“ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.
12 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise.
13 Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.
14 “ ‘Bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulume ngendlu ka-Israyeli nangendlu kaJuda.
15 “ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathingiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga;liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.
16 Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa,neJerusalema liyakuhlala lilondekile;yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi:UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’