4 Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:
5 ‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.
6 “ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
7 Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo.
9 Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’
10 “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane,