17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.
18 Ngiyakunikela abantu abeqile isivumelwano sami, abangawaqinisanga amazwi esivumelwano abasenzile ngaphambi kwami mhla bedabula kabili ithole, bedlula phakathi kwezinhlangothi zalo,
19 ngisho izikhulu zakwaJuda, nezikhulu zaseJerusalema, nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,
20 yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.
21 “USedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sempi yenkosi yaseBabele, asebenyukile kini.
22 Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”