3 Awuyikuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseBabele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.
4 “ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba;
5 uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”
6 UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,
7 lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.
8 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka,
9 ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.