9 ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda.
10 Zalalela zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele, kube yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, ukuba zihambe, zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.
11 Kepha emva kwalokho baphenduka, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe, zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.
12 Ngalokho izwi likaJehova lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
13 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:
14 ‘Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela, kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuwe, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe, nimdedele, akhululeke kini.’ Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.
15 Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.