8 Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu, thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu,
9 singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo; futhi isivini, nensimu, nembewu asinakho.
10 Kepha sihlale ematendeni, salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.
11 Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”
12 Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi:
13 “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na?’ usho uJehova.
14 ‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga.