15 Zathi kuye: “Ake uhlale phansi, ufunde ezindlebeni zethu.”UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.
16 Kwathi lapho sezizwile onke amazwi, zaphendukelana ngokwesaba, kwaba yileso naleso kumakhelwane waso, zathi kuBaruki: “Siyakuyitshela nokuyitshela inkosi lawa mazwi.”
17 Zambuza uBaruki, zathi: “Ake usitshele ukuthi wawaloba kanjani onke lawa mazwi, uwathatha emlonyeni wakhe, na?”
18 UBaruki wathi kuzo: “Wawaphumisela onke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”
19 Zase zithi izikhulu kuBaruki: “Hamba ucashe, wena noJeremiya, kungazi muntu lapho nikhona.”
20 Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.
21 Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.